Kuwena ongazi noma kuyovukeka yini kusasa,
- isimemoesikhulu
- Mar 17, 2025
- 1 min read
Updated: Mar 29, 2025
Kuwena owabonile amasimu obabamkhulu engqongqa ey’ntathatha,
Kuwena ovuke wabhanda kabusha izindonga ebesezidilikile
Kuwena ongavukanga
Kuwena othweswe amacala onina
Kuwena ocwengwa umoya, wena osindwa nokuphakama kwawo
Kuwena owazi wonke amahlathi nazozonke izihosha zazo
Kuwena ohlaselwa ebusuku abantu besalele
Kuwena osithwe ubumnyama endleni yakho
Kuwena ophela phambi kwethu singakuboni,wena ophela ngaphakathi
Kuwena osuphelelwe amandla nomdlandla
Kuwena osezinhlungwini nakuwena olimele emoyeni
Ngithi,
Uze ukwazi ukufudumala kwamaziko,
Uze ukwazi ukuvutha komlilo oyozucime ekuseni,
kuthi uma usucimile ubekelwe umlotha oyogezwa ngawo umhlane nezinyawo zakho
Uthole nokuyithoba yonke imivimbo esavuvukele.

