top of page
Search

Bahlonipheni, naba bengena

  • Writer: isimemoesikhulu
    isimemoesikhulu
  • Mar 16, 2025
  • 1 min read


Bebefikile abantu bakini kodwa mina angazanga. Ngibabone bejikela ngemuva kwendlu sebeyosithela. Wathi angiphuthume ngikulandele umphini wegeja. Bekufike ikhehla ebeligqoke itol’bhantshi elintsundu elithi alibe namacashaza amnyama.

 

Nangelinye ilanga ngake ngasifanisa isalukazi esasivathe ngathi is’yoni.Ibhande laso likuhlaza ngombala kodwa lok’hlaza lo oklabalasayo. Sasincike kuloludonga oluncane olwasala mhlazana kudilizwa uRound wakho wodaka, lapho esasihlala khona uma sesizobhula ubhontshisi uma izulu selipholile. Sasigobe phansi wathi asingathuki size ngokuhle, sizobingelela.  Maqedana wasondela kuso wathi “nathi siyabingelela nina bakaNonyezi, nina bakamfazi zimacalacala

 

Kwathi sengingedwa usungasekho wena nginenakuk’memeza ngabona isalukazi esigqoke iphinifa elithungwe kahle  elinamachaphacapha amnyama.Ngithe ngiyabamemeza abesendlini bezongibonisa bathi abasiboni ngibe ngisibona mina.

 

Kuthe ngiphaphama izolo ngahlangatshezwa iphunga lesimuncwana kanti kungek’dala ngizohlangana noGogo odongeni endlale amaphiko akhe acwebezelayo njenge mfumbafumba yengubo entsha yeminki. Ngabe sengiyazi ukuthi ubuzongembesa ngokufika kwakho.

 

Uma kade kunguwe ngempela Mamase,wena MaDlamini, ntombi kaZabazekhishi, nami sengiyokwazi ukuthi ngikulungisele imithombo, ngiyifudumezele ngikuphekele iphalishi lamabele mzukwana ufikile njengoba nawe wawubenzela abakuzalayo.

 
 
bottom of page